Ngabuye ngabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa emva kwazo, zizacile, zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga.
Hoseya 8:7 - IsiZulu 2020 “Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; izele alinahlumela, alivezi impuphu; uma liyiveza, iyakuqedwa ngabafokazi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba bahlwanyele umoya, bavune isivunguvungu; ihlumela ngeke liveze ufulawa; uma kunjalo, abafokazi bayakuwudla. |
Ngabuye ngabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa emva kwazo, zizacile, zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga.
Kwase kufika uPhuli, inkosi yase-Asiriya, ukuzohlasela izwe. UMenahemu wamnika uPhuli amathalenta ayinkulungwane esiliva, ukuze amsize ukuqinisa umbuso esandleni sakhe.
Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.
Nalokho kungububi obudabukisayo; wafika kanjalo, uzohamba kanjalo futhi, nzuzoni ayitholile ngokushikashikela umoya na?
noma ungazenza zikhule ngosuku ezitshalwe ngalo, wenze okuhlwanyelweyo kuqhakaze ngakusasa, nokho akuyukuba khona sivuno ngalolo lusuku lokulila nobuhlungu obungelapheki.
Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okungenelisiyo na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.
Ngokuba uSimakade uyofika ngomlilo, izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, athulule intukuthelo yakhe ngokufutheka, nolaka lwakhe ngamalangabi omlilo.
Bahlwanyela ukolo, bavune ameva; bazikhandlile, kodwa abazuzanga lutho. Yebo, dumalani ngenxa yezithelo zenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaSimakade.”
“Ngakho-ke ngiyakubuya ngithathe okwami okusanhlamvu ngesikhathi sakho newayini lami elisha ngesikhathi salo, ngithathe uboya bami bezimvu nefilakisi lami lokwemboza ubunqunu bakhe.
Abafokazi badle amandla akhe, kodwa yena akazi; izinwele zakhe seziyaqhakaza, kepha yena akazi.
U-Efrayimi unqundiwe, impande yabo yomile, abayukuthela sithelo. Noma bangazala, kodwa ngiyakubulala okuyigugu kwesisu sabo.”
USimakade uyaphuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, impela onecala akayukumyeka angamjezisi, indlela kaSimakade isesivunguvungwini nasesiphephweni, amafu awuthuli lwezinyawo zakhe.
Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’
Ningadukiswa, uNkulunkulu akabhuqwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho uyakukuvuna.
Ohlwanyela imisebenzi yakhe yemvelo eyonakeleyo, uyakuvuna ukubhubha kuyo imvelo eyonakeleyo; kodwa ohlwanyela kuMoya, uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
Izithelo zomhlabathi wakho nawo wonke umphumela wokusebenza kwakho, kuyodliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe nsuku zonke.