Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 12:13 - IsiZulu 2020

13 Bahlwanyela ukolo, bavune ameva; bazikhandlile, kodwa abazuzanga lutho. Yebo, dumalani ngenxa yezithelo zenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaSimakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bahlanyela ukolweni, kodwa bavuna ameva; bezwe ubuhlungu, kodwa abasizi lutho; futhi bayoba namahloni ngenzuzo yenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 12:13
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu bakhe wabanikela enkembeni, ifa lakhe walithukuthelela.


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okungenelisiyo na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane, nemizi yalo yonke yayidiliziwe phambi kukaSimakade, naphambi kwentukuthelo yakhe evuthayo.


Yilowo nalowo ukhohlisa umakhelwane wakhe, abalikhulumi iqiniso; ulimi lwabo balufundise ukukhuluma inkohliso, bazikhathaza ngokwenza okubi.


“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi.


nakhu engiyokwenza kini: ngiyonehlisela ingebhe, ufuba, umkhuhlane ovala amehlo, nokudangala komphefumulo. Niyotshala imbewu ningazuzi lutho, kudliwe yizitha zenu ebenikutshalile.


Isithukuthuku senu siyophelela obala; izwe lenu aliyukuthela lutho, nemithi ekulo ayiyukuthela zithelo.


“Uyakutshala, kodwa ungavuni; uyakugxoba iminqumo, kepha ungazigcobi wena ngamafutha, ukhame izithelo zomvini, kodwa wena ungaliphuzi iwayini.


Uyabona-ke, akuveli yini kuSimakade Wamabadla, ukuthi abantu bakhandleke ukuze banelise umlilo, nezizwe zizikhathaze ngokuyize na?


Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’


“Benilindele okuningi, kodwa niyabona-ke, nithole okuncane, lapho nikuyisa ekhaya, ngakuphephetha. Ngobani na?” Kubuza uSimakade Wamabandla. “Ngoba indlu yami iyincithakalo, kodwa nina niyagijima, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


Naninasithelo sini ngaleso sikhathi eseninamahloni ngaso manje, ngokuba isiphetho salokho ngukufa.


“Uyophuma nembewu eningi, uye ensimini, uvune okuyingcosana, ngokuba kuyodliwa yisikhonyane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka