Wakha izindlu ezindaweni eziphakemeyo, wabeka abaphristi ngangokomumo wabantu noma babengesiwo amadodana kaLevi.
Hoseya 8:14 - IsiZulu 2020 Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe, wakha izindlu zamakhosi, noJuda wandisile imizi ebiyelweyo, ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zayo zobukhosi.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba u-Israyeli wamkhohlwa uMenzi wakhe, wakha amathempeli; uJuda uyandise imizi enezivikelo eziqinile, kepha ngiyakuphonsa umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zakhe zobukhosi. |
Wakha izindlu ezindaweni eziphakemeyo, wabeka abaphristi ngangokomumo wabantu noma babengesiwo amadodana kaLevi.
Kwathi uma ebona kulula kuye ukulandela izono ezazenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, wathatha uJezebheli, indodakazi ka-Ethibhali, inkosi yaseSidoni, waba ngumkakhe. Wahamba wayokhonza uBhali, wakhuleka kuye.
Ngonyaka we-14 wokubusa kukaHezekiya, inkosi, uSaneheribhi, inkosi yase-Asiriya, wakhuphuka, wahlasela yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo, wayidla.
Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imithombo yamanzi eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi ehlanzeni nasethafeni; wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKharmeli, ngoba wayengothanda umhlabathi.
Ngokuba umkhohliwe uNkulunkulu wensindiso yakho, awulikhumbulanga iDwala ophephela kulo, ngalokho-ke noma utshala izithombo zekhethelo, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,
ngokuba nxa ebona izingane zakhe umsebenzi wezandla zami, phakathi kwakhe, ziyongcwelisa iGama lami, zingcwelise oNgcwele kaJakobe, zimesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.
USimakade uyakuphuma njengeqhawe, njengendoda yempi, uyakuvusa ukushisekela kwakhe, uyakumemeza ngezwi lokunqoba, akhuze isiqubulo sempi aziqonele izitha zakhe.
Wathela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, nesihluku sempi; kwavutha nxazonke, kodwa akaqondanga; kwashisa, nokho akazange akubeke enhliziyweni yakhe.
“Izitini ziwele phansi, kodwa sizokwakha kabusha ngamatshe abaziweyo; izihlahla zomkhiwane zigawuliwe, kodwa sizotshala ezomsedari esikhundleni sazo.”
Bonke abantu bayazi ngalo, u-Efrayimi nezakhamuzi zaseSamariya, kodwa okwathi ngokuqhosha nangokuzidla kwabo, bathi:
Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”
Intombi ingakhohlwa yini yimvunulo yayo, nomakoti ixhama lakhe na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.
Abaceba ukwenza ukuba abantu bami balikhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengoba okhokho babo balikhohlwa igama lami ngenxa kaBhali na?
Izwi liyezwakala emadulini angamaqwaqwasi, likhala, linxusela abantu bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo, bamkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wabo.
Siyakudla isivuno sakho nesinkwa sakho, sidle amadodana namadodakazi akho, sidle izimvu zakho nezinkomo zakho, sidle imivini yakho nemikhiwane yakho, sibhubhise ngenkemba imizi yakini ebiyelweyo enethembele kuyo.
“Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngokuba ungikhohliwe Mina, wangifulathela, uyakukuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.’ ”
Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.
Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.
Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eThire, uyakungqongqisa izinqaba zalo.”
Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.
Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo endlini kaHazayeli, uyakungqongqisa izinqaba zikaBheni Hadadi.
Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo kwaJuda, uyakungqongqisa izinqaba eJerusalema.”
Thina singumsebenzi wakhe, sidalelwe imisebenzi emihle kuKhristu uJesu, uNkulunkulu ayilungisela phambilini ukuba sihambe ngayo.