“Kodwa abalalelanga, bakuhlubuka, bawufulathela umthetho wakho. Babulala abaphrofethi bakho, ababebagqugquzela ukuba babuyele kuwe; benza amahlazo enyanyekayo.
Hoseya 8:12 - IsiZulu 2020 Noma ngimlobele okuningi komthetho wami, kodwa lokho bakubona njengento abayeshwamayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Noma ngimlobela imithetho yami kaningi, iyashaywa okungaziwayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngamlobela izinto ezinkulu zomthetho wami, kodwa kwathiwa uyisimangaliso. |
“Kodwa abalalelanga, bakuhlubuka, bawufulathela umthetho wakho. Babulala abaphrofethi bakho, ababebagqugquzela ukuba babuyele kuwe; benza amahlazo enyanyekayo.
Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukulalela umthetho kaSimakade,
Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.
Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.