Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hoseya 7:4 - IsiZulu 2020

Bonke bayiziphingi, banjengeziko elibaswe ngumbhaki, oyekela ukukhwezela kusukela ekuxoveni inhlama ize ikhukhumale.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bayiziphingi bonke; banjengeziko elishiswa ngumphekisinkwa oyeka ukukhwezela kusukela ekuxovweni kwenhlama kuze kube sekubileni kwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Bonke bayiziphingi, njengeziko elibaselwe ngumbhaki, elingavuki ngemva kokuxova inhlama, ize ibile.

Uka jalj uñjjattʼäta



Hoseya 7:4
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe lomisile ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Baphila impilo embi, basebenzisa namandla abo ngokungafanele.


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Sengathi ngabe nginendawo yokulala izihambi ehlane, ukuze ngibashiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bonke bayiziphingi, iqembu lamaqili.


“Bayakudla, kodwa bangasuthi, bayakufeba, kodwa bangandi, ngokuba bamshiyile uSimakade,


Abantu bami babuza ukhuni olubaziweyo, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngenxa yokufeba.


“Kukhona ukuqalekisa nokukhohlisa, ukubulala, nokweba, nokuphinga, bayadlebeleka, kugobhoza igazi.


Ukuzigabisa kwenu akukuhle neze. Kanti anazi yini ukuthi imvubelo encane iyikhukhumalisa yonke inhlama na?


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.