Abantu bavuka ekuseni ngakusasa, banikela ngeminikelo yokushiswa, baletha iminikelo yokuthula; bahlala phansi ukuba badle, baphuze; basukuma ukuba badlale.
Hoseya 7:14 - IsiZulu 2020 Abakhalanga kimi ngenhliziyo yabo, kodwa bahhewula emibhedeni yabo; babuthana ngenxa yokusahlamvu newayini elisha, bangifulathela Mina. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo, kepha bahhewula emibhedeni yabo; banovalo ngamabele abo nangewayini labo, kepha mina bayangihlubuka. Contemporary Zulu Bible 2024 Abangibizanga ngenhliziyo, lapho bekhala emibhedeni yabo; |
Abantu bavuka ekuseni ngakusasa, banikela ngeminikelo yokushiswa, baletha iminikelo yokuthula; bahlala phansi ukuba badle, baphuze; basukuma ukuba badlale.
INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,
“Manje ngisasalelwe yini lapha,” kusho uSimakade, “njengoba abantu bami bethunjiwe ngaphandle kwesizathu na? Ababusi babo babanga umsindo,” kusho uSimakade, “negama lami lihlanjalazwa usuku lonke.
bhekani, izinceku zami ziyakumemeza ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo, kepha nina niyakukhala ngokudabuka kwenhliziyo yenu, nilile ngobuhlungu emphefumulweni.
Ubatshalile, futhi bagxila; bayakhula, futhi bathela izithelo; igama lakho lisezindebeni zemilomo yabo, kodwa izinhliziyo zabo zikude nawe.
Nokho kukho konke lokho lo dadewabo ombuluzayo, uJuda, akazange abuyele kimi ngenhliziyo ephelele, kodwa ngokuzenzisa nje,” kusho uSimakade.
Izinhliziyo zabo mazikhale eNkosini; wena ludonga lwendodakazi iZiyoni, izinyembezi mazigelezise okwemifula, mawungaphumuli imini nobusuku, inhlamvu yeso lakho ingakutholi ukuphumula.
ISamariya liyakuba necala, ngokuba limhlubukile uNkulunkulu walo; bayakufa ngenkemba, izingane zabo ziphahlazwe, abakhulelweyo baqaqwe.”
USimakade wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane osethandwa ngomunye, nakuba ephingile. Mthande njengalokhu uSimakade ethanda abantu bakwa-Israyeli, noma sebephendukele kwabanye onkulunkulu, bathanda amakhekhe anamagilebhisi omisiwe.”
Balala eceleni kwawo wonke ama-althare ngezingubo ezithathwe zaba yisibambiso. Baphuza iwayini labahlawulisiwe endlini kaNkulunkulu wabo.
Ngalolo lusuku, amaculo asethempelini ayakuba ngawokukhihla isililo, ziyakuba ziningi izidumbu eziyakudindiliza, zilahlwe kuzo zonke izindawo. Thulani!” kusho iNkosi uSimakade.
Ukuba bekukhona ohamba ekhuluma udwadwa namanga, aqambe amanga athi: ‘Ngiyakuniphrofethela ngewayini nangophuzo olunamandla, ubeyakuba ngumphrofethi walaba bantu.’ ”
“Buza kubo bonke abantu bezwe nakubaphristi, uthi: ‘Ekuzileni nasekulileni kwenu ngenyanga yesihlanu neyesikhombisa kule minyaka engama-70 ngabe ngempela nanizilele Mina yini na?
ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala.
Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela.
Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu.
Wozani manje nina bacebileyo; khalani, nikhihle isililo ngenxa yezinhlupheko ezizakunehlela.
Zaya emasimini, zabutha amagilebhisi ezivinini zazo, zawagxoba, zagubha umkhosi. Zaya ethempelini likankulunkulu wazo, zadla, zaphuza, zahlekisa ngo-Abhimelekhi.