USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili.
Hoseya 6:11 - IsiZulu 2020 “Nawe Juda, ulungiselwe ukuvunwa, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nawe Juda ulungiselwe ukuvunwa, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami. Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi, Juda, wakumisela isivuno lapho ngibuyisela isabelo sabantu bami. |
USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili.
“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ kusho uSimakade, ‘ungesabi, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nabozalo lwakho ezweni othunjwelwe kulo. UJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke angesatshiswa muntu,
Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Indodakazi yaseBhabhele injengesibuya, ngesikhathi sinyathelwa. Kuseyisikhashana nje, sizofika nakuyo isikhathi sokuvunwa kwayo.”
Fakani isikela, ngokuba isivuno sesivuthiwe; wozani nizogxoba, ngokuba isikhamo sewayini sigcwele, nezimbiza zewayini ziyachichima, impela ububi babo bukhulu.”
“Kodwa aziyazi imicabango kaSimakade, aziwaqondi amasu akhe, ngokuba uziqoqele ndawonye esibuyeni njengezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe.
Ugu luyakuba ngolwensali yabendlu yakwaJuda, yeluse kulo. Iyakulala ezindlini e-Ashikeloni kusihlwa, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wayo uyakuyihambela, aguqule ukuthunjwa kwayo.
Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohleli phezu kwefu: “Sebenzisa isikela lakho, uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile, futhi isivuno somhlaba sesilungile.”