Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.
Hoseya 5:9 - IsiZulu 2020 U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngikumemezele lokho okuqinisekileyo phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Efrayimi uyakuba yihlane ngosuku lwesijeziso; phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli ngazisile okuyakuba khona impela. |
Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.
Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi lolu wusuku losizi, lokukhankathwa nokwedelelwa. Abantwana sebelungele ukuzalwa, kodwa amandla okubazala awekho.
owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,
Ngimemezele izinto zakuqala esikhathini esedlule, ezaphuma emlonyeni wami; ngazizwakalisa, ngazenza, zenzeka ngokuphazima.
ngazimemezela kini kwasemandulo zingakenzeki, ngazizwakalisa, ningaze nithi: ‘Yisithombe sami esizenzile, isithombe sami esibaziweyo, nesithombe sami esibunjiweyo, esiyalezile.’
Ngokuba umntwana engakakwazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, leli lizwe okhathazwa ngamakhosi alo amabili liyobe lingasenamuntu.
Ngokuba Mina ngiyakuba njengebhubesi ku-Efrayimi, nanjengebhongo lebhubesi kuyo indlu kaJuda. Mina luqobo, ngiyakubadwengula, bese ngihamba; ngiyakubathatha kungabi bikho obahlengayo.
Kuyakuthi lapho sebehamba, ngiphonse inetha lami phezu kwabo, ngibathele othulini njengezinyoni zezulu, ngibabambe lapho ngizwa umbiko ngokuhlangana kwabo.
U-Israyeli uyagwinywa, manje sebephakathi kwabezizwe njengesitsha okungekho ntokozo kuso.
Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu.
Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaphrofethi.
“Ngakholo-ke usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, amadodana namadodakazi akho ayakufa ngenkemba, nezwe lakho liyakulinganiswa ngentambo labiwe, wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe impela ezweni lakhe.’ ”
“Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakubhidlizwa, nezindlu zokukhonzela zakwa-Israyeli ziyakudilizwa, ngiyakubhuqabhuqa indlu kaJerobhowamu ngenkemba yami.”
Ngakho-ke Mina ngiyakukugulisa ngokukushaya, ngikwenze incithakalo ngenxa yezono zakho.
Kanti amazwi ami nezimiso zami engayaleza ngakho izinceku zami abaphrofethi akufinyelelanga yini kokhokho benu na? Angithi baphenduka, bathi: ‘Njengoba uSimakade Wamabandla ebehlelile ukwenza lokhu kithi ngokwezindlela zethu nangemisebenzi yethu, wenze kanjalo-ke kithi.’ ”
Kepha nginitshelile ngalezo zinto ukuze kuthi lapho sekufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela ngazo; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.”