Nokuba bengiziphakamisa, ubuyakungizingela njengengonyama, ubuye uzenze omangalisayo kimi.
Hoseya 5:14 - IsiZulu 2020 Ngokuba Mina ngiyakuba njengebhubesi ku-Efrayimi, nanjengebhongo lebhubesi kuyo indlu kaJuda. Mina luqobo, ngiyakubadwengula, bese ngihamba; ngiyakubathatha kungabi bikho obahlengayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda; mina yebo, mina ngiyakudwengula, besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngiyoba njengengonyama ku-Efrayimi nanjengebhongo lengonyama endlini kaJuda; nami ngiyakuklebhula, ngimuke; ngiyakususa, akakho oyomsindisa. |
Nokuba bengiziphakamisa, ubuyakungizingela njengengonyama, ubuye uzenze omangalisayo kimi.
noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?
“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.
Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyama; bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi; yebo, bayogwavuma, babambe impango yabo, bahambe nayo, kungekho ongayihlenga.
Uwushiyile umphandu wakhe, njengebhongo lengonyama; ngokuba izwe labo seliyincithakalo, ngenxa yolaka lomcindezeli nangenxa yentukuthelo yakhe evuthayo.
Ufane kimi nebhele elicuthileyo, nanjengengonyama icuthe endaweni esithekileyo.
Ngiyakucekela phansi imivini yakhe nemikhiwane yakhe, athe ngakho: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginike yona izithandwa zami;’ ngizokwenza kube yihlozi, izilwane zasendle zikudle.
“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.
Onejubane ngeke aphunyuke; onamandla akayukuzihlenga ngamandla akhe, neqhawe aliyukuyisindisa impilo yalo.
Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.
Inkabi yakho iyakuhlatshwa uzibonela ngawakho amehlo, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, akuyukuba bikho oyakukusindisa.
“ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.