Iwayini liyisedeleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abadiyazeliswa yilo kabahlakaniphile.
Hoseya 4:11 - IsiZulu 2020 bazinikela ekufebeni, ewayinini, nasewayinini elisha, okususa ingqondo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ubufebe newayini newayini elisha kususa inhliziyo. |
Iwayini liyisedeleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abadiyazeliswa yilo kabahlakaniphile.
“Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, ukuphuza iwayini. Akusikho nje nempela okwababusi ukuthanda uphuzo olunamandla;
Impela ukucindezelwa kwenza ohlakaniphile isiwula, ukufunjathiswa kuyayilutha inhliziyo.
Abaphristi nabaphrofethi bacwile shi ezinkambeni, babona imibono eyize, bakhubeke ekwehluleleni. Labo ababhukuda ewayinini, babhamazeliswa wuphuzo olunamandla.
Emadilini abo kukhona ihabhu, ugubhu, isigubhu, igekle newayini, kodwa abayinaki imisebenzi kaSimakade; kabaziboni nezenzo zezandla zakhe.
“Ngibone into eyihlazo kubaphrofethi baseSamariya: baphrofetha ngoBhali, badukisa abantu bami, u-Israyeli.
Abantu bami babuza ukhuni olubaziweyo, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngenxa yokufeba.
“Izenzo zabo azibavumeli ukuba babuyele kuNkulunkulu wabo, ngokuba umoya wobufebe usezibilini zabo, futhi abamazi uSimakade.
“Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho, nxa ningena ethendeni lokuhlangana, ukuze ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,
U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.