Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hoseya 2:6 - IsiZulu 2020

Ngakho-ke bhekani, ngizoyivala indlela yakho, ngakhe ugange ngameva oluzomvimbela nendlela yakhe angayitholi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva, ngakhe ugange ngakuye, ukuze angafumani imikhondo yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngalokho bheka, ngiyakusibekela indlela yakho ngameva, ngenze ugange, ukuze angazitholi izindlela zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



Hoseya 2:6
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyivalile indlela yami ukuze ngingedluli, wabeka ubumnyama ezindleleni zami.


Kungani ukukhanya kunikwa umuntu ongayiboni indlela yakhe, lowo uNkulunkulu ambiyele nxazonke na?


“Sondelani nina madodana abahlola imihlola, nina nzalo yesiphingi neyesifebe.


Nokho abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho; bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasemandulo, ukuba bahambe ngemikhondo, nangezindlela ezingahlelwanga;


Izindawo eziphakemeyo e-Aveni, eziyisono sakwa-Israyeli, ziyakubhidlizwa. Kuyakumila ameva namakhakhasi kumboze ama-althare abo; bayakuthi ezintabeni: “Simbozeni,” bathi emagqumeni: “Welani phezu kwethu.”


Bhekani-ke, noma bangaphunyuka ekubhujisweni, kodwa iGibhithe liyakubabutha, iNofi ibambele; ingcebo yabo yesiliva idliwe yimbabazane, kube nameva emathendeni abo.


Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku lapho izitha zakho ziyakwakha ugange, zikuhaqe, zikuvimbezele macala wonke.


ikakhulu uma umuntu ezwa ngemibono yami exakileyo. Ngakho-ke ukuze ngingaziphakamisi kakhulu, nganikwa iva emzimbeni, ukuba ingelosi kaSathane ingimukule, funa ngiziphakamise kakhulu.