Igama lowokuqala kwakuyiPhishoni. Yiwo ogobhoza uzungeze lonke izwe iHavila, lapho kunegolide khona.
Hoseya 11:12 - IsiZulu 2020 U-Efrayimi ungizungeze ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso; uJuda uvukelana noNkulunkulu noNgcwele othembekileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Efrayimi ungihaqile ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso, kepha uJuda usabusa noNkulunkulu, uthembekile kwabangcwele. |
Igama lowokuqala kwakuyiPhishoni. Yiwo ogobhoza uzungeze lonke izwe iHavila, lapho kunegolide khona.
Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”
INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,
Udla umlotha, inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile; akanakuwusindisa umphefumulo wakhe, nokuba athi: “Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”
Nilime inkohlakalo, navuma ukungalungi, nidle isithelo senkohliso, ngokuba nethembela endleleni yenu nasebuningini bamabutho enu.
U-Efrayimi udla umoya, uxoshana nomoya wasempumalanga, abhebhethekise amanga nobudlova imihla yonke. Wenza isivumelwano ne-Asiriya, athumele amafutha eGibhithe.
“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.
“Kukhona ukuqalekisa nokukhohlisa, ukubulala, nokweba, nokuphinga, bayadlebeleka, kugobhoza igazi.
Babuya, kodwa hhayi koPhezukonke, babanjengomnsalo oxegayo; abaholi babo bayakufa ngenkemba ngenxa yokugxibha kolimi lwabo. Bayakuba yinhlekisa eGibhithe.”
Labo abacebileyo bakhona banobudlova obedlulele, nezakhamuzi zakhona zihubhuza amanga, nolimi lwenkohliso lusemlonyeni wazo.
Anazi yini ukuthi abangcwele bayakuwehlulela umhlaba na? Kepha uma umhlaba wahlulelwa yinina, pho ningehlulwa yini ukukhipha izigwebo zamacala amancane na?
wasenza saba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu uYise, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade. Amen.
“ ‘Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nami nganqoba, ngase ngihlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.