U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Kuyoze kube nini ninqikaza phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uSimakade enguNkulunkulu, mlandeleni Yena, kodwa uma kunguBhali, landelani yena.” Kepha abantu kabamphendulanga ngazwi.
Hoseya 10:2 - IsiZulu 2020 Inhliziyo yabo inobuqili; manje-ke bayakulithwala icala labo. USimakade uyakuwacekela phansi ama-althare abo, abhidlize izinsika zabo ezingcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Inhliziyo yabo yahlukene phakathi; manje bayotholakala bentula; uyakuwadiliza ama-altare abo, achithe izithombe zabo. |
U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Kuyoze kube nini ninqikaza phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uSimakade enguNkulunkulu, mlandeleni Yena, kodwa uma kunguBhali, landelani yena.” Kepha abantu kabamphendulanga ngazwi.
Ungabakhothameli onkulunkulu bawo, ungahuheki ukuba ubakhonze, ungazenzi izinto azenzayo. Kodwa uyobabhidliza onkulunkulu bawo, ucekele phansi izinsika zabo zamatshe.
Isikhohlakali sizuza ngokukhohlisa, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo weqiniso.
Kabazi, kabaqondi, ngokuba amehlo abo uwasilekile ukuze bangaboni, nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.
Uyakwaphula izinsika zaseBhethi Shemeshi eziseGibhithe; ashise ngomlilo amathempeli onkulunkulu baseGibhithe.’ ”
ukuze ngibambe indlu ka-Israyeli ededileyo kimi ngenhliziyo yayo ngenxa yazo zonke izithombe zayo.” ’ ”
Ngabe iGiliyadi selonakele? Impela abaselutho; bahlabe izinkunzi eGiligali, ngakho-ke ama-althare abo ayakuba njengenqwaba yamatshe emiseleni yamasimu.
ISamariya liyakuba necala, ngokuba limhlubukile uNkulunkulu walo; bayakufa ngenkemba, izingane zabo ziphahlazwe, abakhulelweyo baqaqwe.”
Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.
“U-Efrayimi uzihlanganisa nezizwe, usephunduke iqebelengwana lesinkwa elingaphendulwanga.
Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, ngibhidlize ama-althare enu empepho, izidumbu zenu ngizilahle phezu kwezithombe zenu ezifihlikileyo; umphefumulo wami uyonengwa yini.
Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziweyo nezinsika zakho onazo, ungaphindi futhi ukhothamele imisebenzi yezandla zakho.
nabakhothama ophahleni bekhuleka kulo ibandla lasezulwini, nabakhothamela ukufunga kuSimakade bebe befunga nakuMalkhamu,
USimakade Wamabandla uthi: “Ngalolo lusuku ngiyakushabalalisa amagama ezithombe ezweni, futhi awayukuphinde akhunjulwe; ngiyakususa abaphrofethi nemimoya engcolileyo ezweni.
“Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona.
“Akukho nceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba iyakuzonda enye, ithande enye; noma ibambelele kwenye, iyeyise enye. Ningeze nakhonza uNkulunkulu nengcebo.”
Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.
Ningalithandi izwe nezinto ezikulo. Uma umuntu ethanda izwe, alukho kuye uthando lukaYise.
Bavuka ngakusasa ekuseni; uyabona-ke, uDagoni wayewele phansi emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade, ikhanda likaDagoni nezihlakala zombili zezandla zakhe zazinqamukile, zisembundwini, kwakusele isidikinyane kuphela.