Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.
Hoseya 1:11 - IsiZulu 2020 Abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli bayakuhlangana ndawonye, bazikhethele inhloko ibe yodwa, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana ndawonye, bazimisele inhloko ibe nye, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana, bazikhethele umholi oyedwa, bakhuphuke baphume ezweni, ngokuba luyoba lukhulu usuku lwaseJizreyeli. |
Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.
Isikhulu siyakuba ngomunye wabo, nombusi walo uyakuvela phakathi kwabo. Ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ kusho uSimakade.
Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ kusho uSimakade, ‘lapho ngiyakuqeda ukuthunjwa kwabantu bami, u-Israyeli noJuda, bese ngibabuyisela ezweni engalinika okhokho babo ukuba balidle,’ ” kusho uSimakade.
Maye, lukhulu lolo lusuku, alukho olunjengalo! Lesi yisikhathi sokuhlupheka kuJakobe, kodwa uzosindiswa kukho.
“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.
bheka, ngiyakubaqoqa emazweni wonke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo, ngokufutheka, nangolaka lwami olukhulu; ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile;
Ngiyakumbuyisela u-Israyeli emadlelweni akhe, aklabe eKharmeli naseBhashani, adle, asuthe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.
“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘UJakobe ngiyakumbuyisa ekuthunjweni, yonke indlu yakwa-Israyeli ngiyihawukele, ngibe nentshisekelo ngenxa yegama lami elingcwele.
Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.
Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kulethe ukubuyisana emhlabeni, pho ukwamukelwa kwabo kuyakulethani uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na?