Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hoseya 1:11 - IsiZulu 2020

Abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli bayakuhlangana ndawonye, bazikhethele inhloko ibe yodwa, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana ndawonye, bazimisele inhloko ibe nye, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Khona abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana, bazikhethele umholi oyedwa, bakhuphuke baphume ezweni, ngokuba luyoba lukhulu usuku lwaseJizreyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta



Hoseya 1:11
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Isikhulu siyakuba ngomunye wabo, nombusi walo uyakuvela phakathi kwabo. Ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ kusho uSimakade.


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ kusho uSimakade, ‘lapho ngiyakuqeda ukuthunjwa kwabantu bami, u-Israyeli noJuda, bese ngibabuyisela ezweni engalinika okhokho babo ukuba balidle,’ ” kusho uSimakade.


Maye, lukhulu lolo lusuku, alukho olunjengalo! Lesi yisikhathi sokuhlupheka kuJakobe, kodwa uzosindiswa kukho.


“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


bheka, ngiyakubaqoqa emazweni wonke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo, ngokufutheka, nangolaka lwami olukhulu; ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile;


Ngiyakumbuyisela u-Israyeli emadlelweni akhe, aklabe eKharmeli naseBhashani, adle, asuthe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.


“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘UJakobe ngiyakumbuyisa ekuthunjweni, yonke indlu yakwa-Israyeli ngiyihawukele, ngibe nentshisekelo ngenxa yegama lami elingcwele.


“Bizani abafowenu ngokuthi: ‘u-Ami,’ nawodadewenu ngokuthi: ‘uRuhama.’


Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.


Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kulethe ukubuyisana emhlabeni, pho ukwamukelwa kwabo kuyakulethani uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na?