Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 9:5 - IsiZulu 2020

AbaJuda benza ababefisa ukukwenza ezitheni zabo. Bazihlasela ngenkemba, babulala noma ngubani ababefuna ukumbulala, bonke ababeyizitha zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngakho abaJuda bachitha zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokubhubhisa, benza njengokuthanda kwabo kwababazondayo.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 9:5
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izizukulwane zabo zangena kulo, zahlala. Labo ababehlala kulelo lizwe, wabenza bakhonza kuzo. AmaKhanani namakhosi awo nabanye abantu ababehlala ezweni, wabanikela kuzo ukuba zibaphathe ngokuthanda kwazo.


Lezo zincwadi zanikwa izigijimi, zathunyelwa kuzo zonke izifundazwe zenkosi. Umyalelo wawuthi kumele kubulawe bonke abaJuda, abancane nabadala, nezinsana nabesifazane, ngalusuku lunye okwakungolwe-13, ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari, nempahla yabo ibe yimpango.


Kulezo zincwadi kwakubhalwe ukuthi abaJuda, emizini yonke babevunyelwe ukuba bahlangane, bazivikele, babulale, babhubhise amabutho esifundazwe abahlaselayo, izingane nabesifazane, baphange nezimpahla zabo,


Enhlokomuzi iShushani, abaJuda babulala amadoda angama-500. Babulala namadodana alishumi kaHamani, indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda:


Olungileyo uhluma njengesundu, akhule njengomsedari eLebhanoni.


Ngakho-ke nikela abantwana babo endlaleni, ubanikele emandleni enkemba; abafazi babo bangabi nabantwana, babe ngabafelokazi, amadodana abo abulawe wubhubhane, nezinsizwa zabo zibhuqwe ngenkemba empini.


Uma kuyinto elungile kuNkulunkulu uyakukubuyisela ukuhlupheka kulabo abanihluphayo,