Kulezo zincwadi kwakubhalwe ukuthi abaJuda, emizini yonke babevunyelwe ukuba bahlangane, bazivikele, babulale, babhubhise amabutho esifundazwe abahlaselayo, izingane nabesifazane, baphange nezimpahla zabo,
Esteri 9:15 - IsiZulu 2020 AbaJuda bahlala eShushani, babuye bahlangana nangosuku lweshumi nane lwenyanga u-Adari, babulala amadoda angama-300 eShushani, kodwa abazange bathathe mpango. IBHAYIBHELI ELINGCWELE AbaJuda ababe seShushani babuthana nangosuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari, babulala abantu abangamakhulu amathathu eShushani, kepha ababekanga izandla zabo empangweni. Contemporary Zulu Bible 2024 AbaJuda ababeseShushani babuthana nabo ngosuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari, babulala abantu abangamakhulu amathathu eShushani; kepha abazibekanga izandla zabo empangweni. |
Kulezo zincwadi kwakubhalwe ukuthi abaJuda, emizini yonke babevunyelwe ukuba bahlangane, bazivikele, babulale, babhubhise amabutho esifundazwe abahlaselayo, izingane nabesifazane, baphange nezimpahla zabo,
yayisithi endlovukazini u-Esteri: “Enhlokomuzi iShushani, abaJuda babulale amadoda angama-500, kuwo kunamadodana alishumi kaHamani. Kazi benzenjani kwezinye izifundazwe na? Yini-ke enye osayicela? Ngizokunika yona. Ucelani? Ngizokwenzela.”
U-Esteri waphendula, wathi: “Uma kukuhle enkosini mayigunyaze abaJuda abahlala eShushani, benze nakusasa njengokomthetho wanamuhla, amadodana kaHamani alishumi aphanyekwe ezigxotsheni zokuphanyeka.”
Inkosi yayaleza ukuba kwenziwe lokho; umthetho washaywa eShushani, amadodana alishumi kaHamani aphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.
AbaJuda ababehlala ezifundazweni zenkosi bahlangana, bazivikela, bakhululeka ezitheni zabo, babulala amadoda ayizi-75 000, kodwa abathatha mpango.
Kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, nakuyo yonke imizi lapho kwakuhlala khona abaJuda, abaJuda bahlangana ukuzobulala bonke ababekade befuna ukubabhubhisa. Akukho namunye owayezomelana nabaJuda, ngokuba zonke izizwe zase zibesaba kakhulu.
Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”