Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 8:13 - IsiZulu 2020

Ifuzela lalowo mthetho lalizokhishwa, libe ngumthetho kuzo zonke izifundazwe, laziswe bonke abantu kuleso naleso sizwe, ukuze abaJuda bame ngomumo ngalolo lusuku, bazivikele ezitheni zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Impinda yokulotshiweyo yanikwa ukuba ibe yisimemezelo ezifundeni zonke, kumenyezelwe kubantu bonke ukuba abaJuda bazilungiselele lolo suku, baziphindisele ezitheni zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ikhophi yombhalo womyalo okufanele ikhishwe kuzo zonke izifundazwe yaziswa kubantu bonke, nokuthi amaJuda kwakumelwe alungele ngalolo suku ukuziphindiselela ezitheni zawo.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 8:13
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwakukhona nomyalo othi kumele kwenziwe nezinye izincwadi zaleso sinqumo, zisiwe kuzo zonke izifundazwe kube ngumthetho, ukuze bonke abantu bazi ngawo, bame ngomumo ngalolo lusuku.


Izigijimi zagibela amahhashi asebukhosini anejubane, zaphuma ngesivinini, ziqhutshwa ngumyalezo wenkosi. Lowo mthetho wawushaywe ngisho eShushani, inhlokomuzi.


ukuze ugeze izinyawo zakho egazini, nezilimi zezinja zakho zibe nesabelo ezitheni.”


UNkulunkulu akayukubenzela yini ubulungiswa abakhethiweyo bakhe, abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele na?


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


USamsoni wanxusa uSimakade, wathi: “Nkosi Simakade, ngiyakucela, ngikhumbule, ngiqinise kube kanye, Nkulunkulu, ukuze ngiziphindisele kumaFilisti ngempindiselo eyodwa nje ngenxa yamehlo ami omabili.”