Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 6:3 - IsiZulu 2020

Inkosi yabuza yathi: “Wahlonishwa kanjani, futhi wanikwa mklomelo muni uMoridekhayi ngaleso senzo na?” Izinceku zenkosi ezazilapho ziyikhonza zaphendula, zathi: “Akenzelwanga lutho.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Inkosi yathi: “Ludumo luni nobukhulu buni okwenzelwe uMoridekayi ngalokho na?” Zase zithi izinceku zenkosi ezaziyikhonza: “Akenzelwanga lutho.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Inkosi yasisithi: Ludumo luni lesithunzi uMordekhayi akwenzileyo ngalokhu? Izinceku zenkosi ezaziyikhonza zathi: “Akenziwanga lutho.”

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 6:3
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nokho induna yabaphathindebe ayimkhumbulanga uJosefa; yamkhohlwa.


UDavide wathi: “Lowo muntu oyohlabana kuqala, abulale umJebusi, nguye ozokuba yinhloko nenduna.” UJowabe, indodana kaZeruya, wenyuka kuqala, wawudla umhlanganiso, wabe eseba yinhloko.


Kwatholakala lapho kwakulotshwe khona ukuthi uMoridekhayi wabaceba kanjani abathenwa ababili, ababengabaqaphi besango lenkosi uBhigithani noThereshi, ngozungu ababelwakhele inkosi u-Ahasheveroshi.


Inkosi yayisibuza, yathi: “Ngubani osegcekeni?” UHamani wayesanda kungena egcekeni lesigodlo senkosi elingaphandle, ezokhuluma nenkosi ukuba kulengiswe uMoridekhayi esiphanyekweni ayemlungiselele sona.


Kulowo muzi kwakukhona indoda empofu ehlakaniphile, yona ngokuhlakanipha kwayo yawuhlenga, kodwa akekho oyikhumbulayo leyo ndoda empofu.


Kepha ngizwile ngawe ukuthi ungakwazi ukungazisa izincazelo, usombulule le nkiyankiya. Manje-ke uma ungawufunda lo mbhalo, ungazise incazelo yawo, uyakwembathiswa okubukhwebezane, ufakwe nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube ngowesithathu embusweni.”


Khona lapho uBhelishazari wathi, mabembathise uDaniyeli okubukhwebezane, bafake umgexo wegolide entanyeni yakhe, bakhiphe isimemezelo ngaye sokuthi uyakubusa engowesithathu embusweni.


Inkosi yamemeza kakhulu ukuba kulethwe abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhele: “Noma ngubani ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okubukhwebezane, afakwe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”