Besakhuluma naye uHamani, kwafika abathenwa benkosi, bephuthuma ukuzomlanda uHamani ukuze aye edilini u-Esteri ayelilungisile.
Besakhuluma naye, zafika izinduna zenkosi, zashesha ukumyisa uHamani edilini u-Esteri alilungisileyo.
Kwathi zisakhuluma naye, kwafika izinceku zenkosi, zamphuthumisa uHamani esidlweni u-Esteri ayesilungisile.
Umkakhe uZereshi nabo bonke abangani bakhe bathi kuye: “Tshela abantu bagxumeke isigxobo sokuphanyeka esingamakhubhithi angama-50 ubude, bese ucela enkosini ekuseni ukuba kulengiswe kuso uMoridekhayi, uhambe nenkosi uyozitika ukhululekile.” Leso seluleko samthokozisa uHamani, wayesesenza isiphanyeko.
Inkosi yathi: “Phuthumani nibize uHamani ukuze sikwazi ukwenza lokho okucelwe ngu-Esteri.” Inkosi noHamani base beya edilini elalilungiswe ngu-Esteri.
uma ngingathola umusa kuwe nkosi, ungenzele engikucelayo nengikunxusayo, makuthi inkosi noHamani beze kusasa edilini engizobe ngibalungisele lona, ngizobe sengenza njengokusho kwenkosi.”
Inkosi noHamani baya edilini lendlovukazi u-Esteri.