UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.
Esteri 6:12 - IsiZulu 2020 UMoridekhayi wayesephindela esangweni lesigodlo, kodwa uHamani washesha waqonda emzini wakhe, ezemboze ubuso ngenxa yokuhlazeka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMoridekayi wabuyela esangweni, kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda. Contemporary Zulu Bible 2024 UMoridekayi wabuye wafika esangweni lenkosi; Kepha uHamani waphuthuma endlini yakhe, elila, ezimboze ikhanda. |
UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.
Kuthe lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi iseluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, wabuyela ekhaya, emzini wakhe. Wafika khona wahlela izindaba zomuzi wakhe, wayesezilengisa, wafa, wangcwatshwa ethuneni likayise.
Inkosi yakwa-Israyeli yaphindela esigodlweni sayo ihluneme futhi ithukuthele, yase iya eSamariya.
U-Ahabi waya esigodlweni sakhe ehluneme futhi ethukuthele ngenxa yezwi uNabothi waseJizreyeli ayelikhulume kuye, lokuthi: “Angiyukukunika ifa lokhokho bami.” Walala embhedeni, wabheka eceleni, akaze adla lutho.
Wathi kuye: “Ngikhulume noNabothi waseJizreyeli, ngathi kuye: ‘Nginike isivini sakho ngikukhokhele ngesiliva; uma uthanda-ke ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso,’ kepha wathi: ‘Angiyukukunika isivini sami.’ ”
U-Azariya, umphristi omkhulu, nabo bonke abanye abaphristi bambuka; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe. Bamkhipha lapho ngokushesha; naye uqobo washesha waphuma, ngokuba wabona ukuthi uSimakade umshayile.
UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wagqokisa uMoridekhayi, wamgibelisa ehhashini, wamusa esigcawini somuzi ehamba phambi kwakhe ememeza, ethi: “Bhekani, uyokwenzelwa lokhu umuntu inkosi ethanda ukumdumisa nokumklomelisa!”
Kuthe lapho inkosi ibuya engadini yasesigodlweni, ingena endlini yedili, yafica uHamani ewele embhedeni okwakucambalele kuwo u-Esteri, yathi: “Awunamahloni okubhudukeza indlovukazi phambi kwami, esigodlweni sami pho?” Ithe ingasho lawo mazwi inkosi, abathenwa baphuthuma bemboza ubuso bukaHamani.
ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?
Umhlaba unikelwe esandleni sezikhohlakali, uyabumboza ubuso babehluleli bawo, uma kungesiye, pho ngubani na?
USamuweli walala kwaze kwasa, wavula iminyango yendlu kaSimakade. USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono.