UThathenayi, umbusi wesifunda esingasentshonalanga yeYufrathe, noShethari Bhozenayi nabangani babo, bakwenza ngokucophelela lokho inkosi uDariyu eyayibalayeze khona.
Esteri 6:11 - IsiZulu 2020 UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wagqokisa uMoridekhayi, wamgibelisa ehhashini, wamusa esigcawini somuzi ehamba phambi kwakhe ememeza, ethi: “Bhekani, uyokwenzelwa lokhu umuntu inkosi ethanda ukumdumisa nokumklomelisa!” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHamani wathatha-ke isambatho nehhashi, wamembathisa uMoridekayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe ngokuthi: “Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.” Contemporary Zulu Bible 2024 UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wembathisa uMoridegayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe, wathi: Makwenziwe kanje kumuntu inkosi emfunayo. |
UThathenayi, umbusi wesifunda esingasentshonalanga yeYufrathe, noShethari Bhozenayi nabangani babo, bakwenza ngokucophelela lokho inkosi uDariyu eyayibalayeze khona.
Inkosi yathi kuHamani: “Phuthuma uthathe ingubo nehhashi okhulume ngakho, ukwenze lokhu kuMoridekhayi, umJuda, ohlala esangweni lesigodlo senkosi. Ukwenze konke lokhu okushilo.”
UMoridekhayi wayesephindela esangweni lesigodlo, kodwa uHamani washesha waqonda emzini wakhe, ezemboze ubuso ngenxa yokuhlazeka.
Ngesikhathi uMoridekhayi ephuma esigodlweni wayegqoke ingubo yasebukhosini enokuluhlaza sasibhakabhaka nokumhlophe, umjiva welineni elicolekileyo elibukhwebezane, nomqhele omuhle ocwebezelayo wegolide. Kwachwaza umuzi waseShushani ngomsindo wenjabulo nentokozo.
Bonke ababusi bezifundazwe, iziphathimandla, izikhulu, ababusi nabaphathi benkosi beseka abaJuda, ngokuba nabo base bengenwe ngukwesaba uMoridekhayi.
Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo; novikela inkosi yakhe, uyakuhlonishwa.
Amadodana alabo abakuhluphileyo ayoza kuwe ekhokhoba, ekuhlonipha, nabo bonke abakwedelelayo bayokhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi nguMuzi kaSimakade neZiyoni loNgcwele ka-Israyeli.
Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.