Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 3:5 - IsiZulu 2020

UHamani ebona ukuthi uMoridekhayi akamguqeli, futhi akamkhothameli, wacasuka kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Lapho uHamani ebona ukuthi uMoridekayi akakhothamanga, kakhulekanga kuye, uHamani wagcwala ulaka.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho uHamani ebona ukuthi uMoridekayi akakhothama futhi akamhloniphanga, uHamani wathukuthela.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 3:5
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa indlovukazi uVashiti yenqaba ukuza njengoba kwakuyaleze inkosi kubathenwa. Lokho kwayenza inkosi yathukuthela kakhulu, yabhodla umlilo.


Zonke izikhulu zenkosi ezazisesangweni layo zaziguqa, zikhothamele uHamani njengokusho kwenkosi. UMoridekhayi nokho akazange amguqele noma amkhothamele uHamani.


Nanxa zazikhuluma naye nsuku zonke zimbuza, uMoridekhayi akazange azilalele. Zase zihamba zayotshela uHamani ukuze zizwe ukuthi uMoridekhayi uzoma yini emazwini akhe okuthi ungumJuda.


UHamani waphuma esigodlweni ejabule, umoya wakhe uthe cosololo ngalolo lusuku, kodwa kuthe lapho ebona uMoridekhayi esangweni lesigodlo, engamsukumeli noma athuthumele lapho embona, wagcwala intukuthelo, ethukuthelela uMoridekhayi,


Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.


Omubi umsongela okubi olungileyo, amququdele amazinyo.


Isiwula sikukhombisa masinyane ukuthukuthela kwaso, kodwa onengqondo uyalifihla ihlazo.


Umuntu onolaka olukhulu wojeziswa; uma umkhulula, uyophinde akwenze lokho.


Ozidlayo nozigabisayo yisedeleli igama lakhe, yena owenza konke ngokuziphakamisa okukhulu.


ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo, abacebile bahlala endaweni ephansi.


Khona uNebukhadinezari wathukuthela wafa, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa kaShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sibaselwe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okwejwayeleke ukuba sibaselwe ngakho.