Nakuba umkaPotifari wayembelesela uJosefa imihla ngemihla, kodwa akavumanga ukulala naye, noma abe ndawonye naye.
Esteri 3:4 - IsiZulu 2020 Nanxa zazikhuluma naye nsuku zonke zimbuza, uMoridekhayi akazange azilalele. Zase zihamba zayotshela uHamani ukuze zizwe ukuthi uMoridekhayi uzoma yini emazwini akhe okuthi ungumJuda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi zikhuluma kuye imihla ngemihla, engazilaleli, zamtshela uHamani ukuba zibone ukuthi amazwi kaMoridekayi ayakuma yini, ngokuba wayezitshelile ukuthi ungumJuda. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi besakhuluma kuye insuku zonke, engabalalelanga, basebetshela uHamani ukuthi abone ukuthi indaba kaMoridegayi izakuma yini, ngoba wayebatshelile ukuthi yena ungumJuda. |
Nakuba umkaPotifari wayembelesela uJosefa imihla ngemihla, kodwa akavumanga ukulala naye, noma abe ndawonye naye.
Noma ngubani phakathi kwabo bonke abangabantu bakhe, sengathi uNkulunkulu wakhe angaba naye, makakhuphukele eJerusalema, kwaJuda, ayokwakha kabusha indlu kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, unguNkulunkulu oseJerusulema.
Izikhulu zenkosi ezazisesangweni zambuza uMoridekhayi, zathi: “Kungani weqa umyalo wenkosi na?”
UHamani ebona ukuthi uMoridekhayi akamguqeli, futhi akamkhothameli, wacasuka kakhulu.
Kukhona amadoda abaJuda, owabeke ukuba aphathe isifunda eBhabhele: uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; lawa madoda, nkosi, awawunakanga umyalo wenkosi; awabakhothameli onkulunkulu bakho, awakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”
Ayesephendula phambi kwenkosi ethi kuyo: “UDaniyeli ongomunye wabathunjwa bakwaJuda akakushayi mkhuba wena nkosi, nomthetho owulobileyo, kepha uyayenza imikhuleko yakhe yokunxusa kathathu ngosuku.”
Wathi kuwo: “NgingumHebheru, ngikhonza uSimakade, uNkulunkulu wamazulu, owenze ulwandle nomhlabathi owomileyo.”