ukuba balethe indlovukazi uVashiti ifake umqhele wobundlovukazi. Indlovukazi yayingowesifazane omuhle, inkosi yayifuna ukubukisa ngobuhle bayo kubantu nasezikhulwini.
Esteri 2:17 - IsiZulu 2020 Inkosi yamthanda kakhulu ukwedlula bonke abesifazane; wafumana umusa emehlweni ayo, yamphatha kahle ukuzedlula zonke izintombi. Yamethwesa umqhele wobukhosi yamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashithi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi yamthanda u-Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi, wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti. Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi yamthanda u-Esteri ngaphezu kwabo bonke abesifazane, wathola umusa nesihe emehlweni ayo ngaphezu kwazo zonke izintombi; wayesemthwesa umqhele wobukhosi, wamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashiti. |
ukuba balethe indlovukazi uVashiti ifake umqhele wobundlovukazi. Indlovukazi yayingowesifazane omuhle, inkosi yayifuna ukubukisa ngobuhle bayo kubantu nasezikhulwini.
Wasiwa enkosini u-Ahasheveroshi ngenyanga yeshumi, inyanga okuthiwa uThebhethi, ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.
Uma uthula ngesikhathi esifana nalesi, usizo nokukhululwa kwabaJuda kuzovela ndawana thize, kodwa wena nabendlu kayihlo nizobhubha. Ngubani owaziyo? Mhlawumbe ungene embusweni waba yindlovukazi ngenxa yesikhathi esifana nalesi.”
makulethwe ingubo yenkosi ekade iyembethe, nehhashi ebiligibele lifakwe umqhele wobukhosi ekhanda lalo, kumele agqokiswe ingubo egqokwa yinkosi, agitsheliswe ihhashi eligitshelwa yinkosi, lifakwe umqhele wobukhosi ekhanda lalo,
Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.
Zonke izihlahla zasendle ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngenza isihlahla eside sibhashe kuthi esibhashile ngisenze sikhule sibe side. Ngiyasomisa isihlala esiluhlaza, bese ngisihlumisa esomileyo sibe luhlaza. “ ‘Mina Simakade ngikhulumile futhi ngiyakukwenza lokho.’ ”
Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.