Wathi kuye: “Hamba uyobona ukuthi abafowenu nemfuyo basaphatheke kahle yini, bese ungilethela umbiko.” Wamthuma esuka esigodini eHebhroni, waze wayofika eShekhemu.
Esteri 2:11 - IsiZulu 2020 Nsuku zonke uMoridekhayi wayezidlisa satshanyana ngasesangweni lendlu yabesifazane, ukuze ahogele ukuthi uqhuba kanjani u-Esteri, nokuthi yini ezokwenzeka kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 UMoridegayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuze azi ukuthi u-Esteri unjani nokuthi kuzokwenzekani kuye. |
Wathi kuye: “Hamba uyobona ukuthi abafowenu nemfuyo basaphatheke kahle yini, bese ungilethela umbiko.” Wamthuma esuka esigodini eHebhroni, waze wayofika eShekhemu.
U-Esteri akatshelanga muntu ngezihlobo zakhe noma ngabakubo, ngoba wayemdonse ngendlebe uMoridekhayi ukuba angasho lutho.
Ukucolwa kwabesifazane kwakuvamise ukuthatha isikhathi esingunyaka. Izinyanga eziyisithupha zokuqala, owesifazane wayegcotshwa ngamafutha emure, kuthi ngezilandelayo aqholwe ngamafutha ebhalisamu. Uma sekwenziwe lokho, intombi ngayinye yayithathwa ingeniswe enkosini u-Ahasheveroshi.
Kwathi sekwedlule izinsuku ezithile, uPawula wayesethi kuBharnabha: “Ake sibuyele emuva, sihambele abazalwane kuyo yonke imizi ngamunye esesishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.”
Uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi. Ubheke ukuthi basaphila kahle yini abafowenu, ungibuyele nobufakazi.”