Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.
Esteri 10:1 - IsiZulu 2020 Inkosi u-Ahasheveroshi yathelisa intela izwe nababeseziqhingini zolwandle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi u-Ahashiveroshi yathelisa izwe neziqhingi zolwandle. Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi u-Ahashiveroshi yathela intela ezweni naseziqhingini zolwandle. |
Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi sokubusa kwenkosi u-Ahasheveroshi; lona ngu-Ahasheveroshi owayebusa izifundazwe eziyi-127, kusukela eNdiya kuye eKhushe.
Ngaleso sikhathi kwase kubizwa ababhali benkosi. Kwakuwusuku lwama-23, ngenyanga yesithathu ebizwa ngokuthi uShivani. Bayalwa ukuba babhale noma yini uMoridekhayi abayala ukuba bayibhalele abaJuda ababesembusweni ka-Ahasheveroshi, neziphathimandla, nababusi, nezikhulu ezazikuzo zonke izifundazwe eziyi-127, kusuka eNdiya kuya eKhushe. Izincwadi bazibhala ngolimi lwaleso naleso sizwe, ngokwehlukana kwazo, nangokubhala kwazo, nakubaJuda, ngokubhala kwabo nangolimi lwabo.
Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.
Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.
Ngakho-ke empumalanga mdumiseni uSimakade, emazweni asogwini likhazimuliseni igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.
Uyakuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, adle eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.
Kwathi ngalezo zinsuku, uKhesari Awugustu wakhipha isimemezelo sokuba kubalwe abantu ezweni lonke.