Wathi kuye: “Ngikhulume noNabothi waseJizreyeli, ngathi kuye: ‘Nginike isivini sakho ngikukhokhele ngesiliva; uma uthanda-ke ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso,’ kepha wathi: ‘Angiyukukunika isivini sami.’ ”
EkaJakobe 4:2 - IsiZulu 2020 Niyafisa, kodwa aninalutho. Niyabulala, ninomhawu, kepha anizuzi lutho; niyalwa, nidala izimpi. Aninalutho ngoba aniceli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli; Baasraak Zulu New Testament Bible Niyafisa, ningabi nalutho; Contemporary Zulu Bible 2024 Niyafisa, ningabi nalutho; |
Wathi kuye: “Ngikhulume noNabothi waseJizreyeli, ngathi kuye: ‘Nginike isivini sakho ngikukhokhele ngesiliva; uma uthanda-ke ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso,’ kepha wathi: ‘Angiyukukunika isivini sami.’ ”
Zinjalo izindlela zabo bonke abathola inzuzo ngokungafanele; leyo nzuzo iyakuthatha impilo yomniniyo.
umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.
Impela, iwayini liyakhohlisa, umuntu ozigqajayo akahlali ekhaya, owandisa umphimbo wakhe ufana nendawo yabafileyo; akaneliswa njengokufa; uziwolela zonke izizwe, aziqoqele bonke abantu.
Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukuba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani lo othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, Yena ubezakukunika amanzi aphilayo.”
Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.
Umuntu ozonda umzalwane wakhe ungumbulali. Niyazi-ke ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade.