“Uma bona kuwe ngokuba akukho muntu ongoniyo, bese ubathukuthelela, ubanikele esitheni, bathunjwe, bayiswe ezweni lesitha esibathumbileyo, elikude noma eliseduze,
EkaJakobe 3:2 - IsiZulu 2020 Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu. |
“Uma bona kuwe ngokuba akukho muntu ongoniyo, bese ubathukuthelela, ubanikele esitheni, bathunjwe, bayiswe ezweni lesitha esibathumbileyo, elikude noma eliseduze,
“Uma bona kuwe, ngoba akukho muntu ongoni, bese ubathukuthelela, ubanikele esitheni, sibathumbe sibayise ezweni laso, elikude noma eliseduze,
Ngithe: “Ngizoqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; umlomo wami ngizowufaka isimfonyo, inkani nje uma kunababi phambi kwami.”
Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.
Ngubani ongasho athi: “Ngiyigcinile inhliziyo yami ihlanzekile; ngimsulwa ezonweni zami,” na?
Sonke sesiphenduke saba njengongcolileyo; zonke izenzo zethu ezilungileyo sezifana nengubo engcolileyo. Sonke sesibune njengeqabunga, nobubi bethu busiphephula njengomoya.
umphristi uyomhlola. Uma amabala akhanyayo asesikhumbeni sakhe emhloshana efiphele, yisithembuzane esimmilile, uhlambulukile.
Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.
Ngokuba uyakwehlulelwa ngamazwi akho, icala likuthethe, futhi uyakulahlwa ngamazwi akho.”
Ngalokho ngithola ukuthi kunomthetho kimi, okuthi uma ngifuna ukwenza okuhle, okubi kube nami shaqa,
Ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina luqobo, kuthiwe angifanele.
Kepha umbhalo ukuvalela konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa kuJesu Khristu samukeliswe labo abakholwayo.
Ngokuba imvelo eyonakeleyo ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya okuphambene nemvelo eyonakeleyo. Lezi zinto ziyamelana, ukuze ningakwenzi lokho enikufisayo.
OkunguYena esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sibafundisa bonke abantu ngokuhlakanipha konke, ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKhristu,
Uyakhonza kini u-Efratha ongomunye wenu, inceku kaKhristu uJesu, enilwela njalo emithandazweni, ukuze nime niphelele, niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.
makanihlomise ngakho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, enza kithina lokho okuthandekayo kuye ngoJesu Khristu; makube kuye inkazimulo, kuze kube phakade naphakade. Amen.
Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.
Ukukhuthazela makube nomphumela opheleleyo, ukuze nibe ngabakhulile nabapheleleyo, nabangaswele lutho.
Umbhalo uthi: “Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso.
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.