Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu, namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.
EkaJakobe 2:4 - IsiZulu 2020 Anibandlululanga yini phakathi kwenu, naba ngabehluleli abanemidlinzo emibi na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE anikhethi yini, nibe ngabahluleli abanezizindlo ezimbi na? Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho anibandlululi yini, naze naba ngabahluleli bemicabango emibi na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho anibandlululi yini, naze naba ngabahluleli bemicabango emibi na? |
Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu, namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.
ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.
Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.
Kungabe impela nikhuluma ukulunga nobuqotho na? Madodana abantu, ngabe nehlulela ngobuqotho na?
“Ngalokho-ke Mina nginenze nadeleleka, nathotshiswa phambi kwabo bonke abantu, ngoba ningazigcinanga izindlela zami, futhi niyenzelela emthethweni.”
Ningehluleli ngokubuka ngamehlo, kodwa yehlulelani ngokwehlulela okulungileyo.”
Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa.
Bazalwane, ningakhulumi okubi omunye ngomunye. Okhuluma okubi ngomunye noma ahlulele omunye, ukhuluma okubi ngomthetho futhi wehlulela umthetho. Uma wehlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumehluleli.