EkaJakobe 1:3 - IsiZulu 2020 nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. Baasraak Zulu New Testament Bible nazi lokhu ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukubekezela. Contemporary Zulu Bible 2024 nazi lokhu ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukubekezela. |
Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba.
kulabo okuthe ngokubekezela ekwenzeni okuhle bayifuna inkazimulo nodumo nokungaboli, bafumana ukuphila okuphakade.
Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.
Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.
niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula,
Thina uqobo sizincoma ngani emabandleni kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela kwenu nokukholwa, nibekezela kukho konke ukuzingelwa kwenu, nokuhlushwa kwenu.
Sengathi iNkosi ingaziqondisa izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKhristu.
Ngokuba niyadinga ukubekezela, lokho kuyintando kaNkulunkulu ukuze kuthi lapho senikwenzile namukele isithembiso.
Ngakho-ke nathi, njengalokhu sinefu elingaka lawofakazi abasihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo,
ukuze ningabi ngamavila, kodwa nilingise labo okuthe ngokukholwa nangokubekezela badla ifa lezithembiso.
ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,
nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ubunkulunkulu,