AmaHubo 98:4 - IsiZulu 2020 Hlokomelani uSimakade mhlaba wonke, qhumukani, nihlabelele ngenjabulo, nihube amahubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Hlokomani kuJehova ngezwi lokuhalalisa, nihlabelele ngenjabulo, nihube. Contemporary Zulu Bible 2024 Hlabelelani kuJehova, mhlaba wonke; |
Izizwe mazijabule, zihube ngentokozo, ngokuba abantu ubehlulela ngokulunga, uhole izizwe emhlabeni. Sela
Nkulunkulu wami, ngizobubonga ubuqotho bakho, ngogubhu lwezintambo, ngikudumise ngehabhu, Wena oNgcwele ka-Israyeli.
Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”
Ihlane nemizi yalo makujabule, nemizana okwakhe kuyo abakwaKedari, abakhileyo eSela mabajabule bathokoze, mabenanele beseziqongweni zezintaba.
Thokozani, mazulu, ngokuba uSimakade usukumile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, nihlabelele kakhulu nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uSimakade umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela, wazidumisa ngo-Israyeli.
umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.
Hlokoma ngentokozo ndodakazi yaseZiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, futhi ujabule ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema.
Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zazimemeza zithi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiswe ozayo egameni leNkosi. Hosana kweliphezulu!”
Emveni kwalokho, ngezwa sengathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, inkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu,
Ngase ngizwa okungathi yizwi lesixuku esikhulu, linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uSomandla, iyabusa.