Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”
AmaHubo 97:2 - IsiZulu 2020 Yena uphahlwe ngamafu nobumnyama, ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi. Contemporary Zulu Bible 2024 Amafu nobumnyama kumhaqa, ukulunga nokulunga kuyindawo yokuhlala yesihlalo sakhe sobukhosi. |
Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”
Indlela yakho yayisolwandle, imendo yakho isemanzini amaningi, kodwa amanyathelo akho awabonakalanga.
Ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi, umusa nokwethembeka kuhamba phambi kwakho.
Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo, sihamba ekukhanyeni kobukhona bakho, Simakade.
Nkosi enamandla, mthandi wokulungileyo, uqinise ubuqotho, waphakamisa ubulungiswa nokulunga kwaJakobe.
USimakade wathi kuMose: “Bheka ngizokuza kuwe ngefu elimnyama, ukuze abantu bezwe uma ngikhuluma nawe, nokuba emveni kwalokho bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose wambikela uSimakade lokho okwakushiwo ngabantu.
Kepha abantu bamela kude, kwaba nguMose kuphela osondela efini elimnyama lapho uNkulunkulu wayekhona.
Ukwenza inkohlakalo kuyisinengiso emakhosini, kodwa isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.
USimakade uyaphuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, impela onecala akayukumyeka angamjezisi, indlela kaSimakade isesivunguvungwini nasesiphephweni, amafu awuthuli lwezinyawo zakhe.
Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!