Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”
AmaHubo 94:10 - IsiZulu 2020 Othethisa abezizwe, Yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Othethisa abezizwe, yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na? Contemporary Zulu Bible 2024 Lowo olaya abezizwe, kayikubakhuza yini? Ofundisa abantu ukwazi, kayikwazi na? |
Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”
Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,
Thina nezilwane zomhlaba usifundisa okuningi, asenze sihlakaniphe kakhulu kunezinyoni ezindiza emkhathini.’
Wena ngesandla sakho, waxosha izizwe, bona wabatshala; wazibhubhisa izizwe, bona wabakhulula.
Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade.
Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha, emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
Kuyothi lapho iNkosi isiwuqedile wonke umsebenzi wayo entabeni iZiyoni naseJerusalema, ijezise inkosi yase-Asiriya ngenxa yokukhuluma kwayo ngokuziqhayisa, nangokuziphakamisa kwayo.
Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.
Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.
Bonke abantwana bakho bayakufundiswa nguSimakade, kube nokuthula okukhulu kubantwana bakho.
Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.
“Inkazimulo yami ngiyakuyibonakalisa ezizweni, zonke izizwe ziyakukubona ukwehlulela kwami engikwenzileyo, nesandla sami engisibeke kuzo.
“Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.”
Wena Simakade Nkulunkulu wami, oNgcwele, awusiye yini owasemandulo na? Asiyukufa; usinqumele ukwehlulelwa; Wena Dwala, usibekele ukujeziswa.
Kulotshiwe kubaphrofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo omzwile uBaba, wafunda, uza kimi.