Lapho izitha zami, zibuyela emuva, ziyabhamazela, zibhubhe phambi kwakho.
ngokuba izitha zami zibuyela emuva, ziwa, zibhubha ebusweni bakho,
Lapho izitha zami zibuya, ziyakuwa, zibhubhe phambi kobuso bakho.
Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na?
Bawushise ngomlilo, bawunquma; mababhubhe ngokukhuza nje kwakho.
Ngokuba uSimakade umenze wayisiphephelo sakho, oPhezukonke waba yinqaba yakho.
ukumemezela umusa wakho ekuseni, nokwethembeka kwakho ebusuku,
Lapho wenza izinto ezimangalisayo esasingazilindele, wehla; izintaba zathuthumela phambi kwakho.
Laba-ke bazakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade, basuswe ebukhoneni beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.