AmaHubo 9:18 - IsiZulu 2020 Abampofu abasoze balibaleka; ithemba labathobekileyo nabahluphekileyo, aliyukunyamalala phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ompofu kayikukhohlakala njalo; ithemba labahluphekayo aliyikunyamalala kuze kube phakade. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ompofu akayikukhohlakala njalo; ithemba labampofu aliyikubhubha phakade. |
Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.
Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”
Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi.
“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.
Ngokuba Wena, Nkosi Simakade, uyithemba lami; ngethembele kuwe kwasebusheni bami.
Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli.
Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo.
Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho; uma ukutholile, likhona ikusasa, nethemba lakho aliyukushabalala.
UJesu, ewaphakamisela amehlo ngakubafundi, wathi: “Nibusisiwe nina enimpofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.
Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?