AmaHubo 86:7 - IsiZulu 2020 Ngosuku lokuhlupheka kwami ngikhala kuwe, ngokuba uzongiphendula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe, ngokuba uzakungiphendula. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngosuku lokuhlupheka kwami ngizakhala kuwe, ngoba uzangiphendula. |
Lapho umphefumulo wami udangala, Wena uyayazi indlela yami, endleleni engihamba ngayo, bangithukusele ugibe.
Ngiyakukhala kuwe, ngokuba uyongiphendula, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi, uzwe engikukhulumayo.
Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.
Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.
wathi: “Ngakhala kuSimakade ngisengozini, ngicindezelekile, Yena wangiphendula. Ngisezinzulwini kwelabafileyo, ngakhala ngicela usizo, Wena walizwa izwi lami.
Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.
Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.