AmaHubo 86:2 - IsiZulu 2020 Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho; Wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho; wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Londoloza umphefumulo wami; ngoba mina ngingcwele; O Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ethembela kuwe. |
Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.
Ngomusa wakho uzishabalalise izitha zami, ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami, ngokuba ngiyinceku yakho.
Nkulunkulu wami, ngethembele kuwe; ungavumi ukuba ngihlazeke; izitha zami mazingaqhoshi ngami.
Simakade, ngiphephela kuwe, mangingajabhiswa naphakade, ngikhulule ngokulunga kwakho.
Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.
Yazini ukuthi uSimakade uzehlukanisele abaqotho; uSimakade uyakuzwa lapho ngikhala kuye.
Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa.
Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.
Ngakho-ke unesihawu kulowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.
“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.