Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.
AmaHubo 85:6 - IsiZulu 2020 Awuzukusivusa yini, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Awuzukusivusa, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Awufuni yini ukusenza siphile, ukuze abantu bakho bajabule kuwe na? |
Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.
U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe, abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo.
Ukusindiswa kuka-Israyeli kuzovela eZiyoni, lapho uNkulunkulu ebusisa abantu bakhe; uJakobe ethabe, no-Israyeli athokoze.
Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.
Nkulunkulu, usilahleleni kwaze kwaba phakade na? Izimvu zedlelo lakho uzithunqiselelani ngentuthu yolaka lwakho na?
Ngabe ububele bayo sebuphele ingunaphakade na? Ngabe isithembiso seminyaka sesiphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?
Khona singaseyukubuye sikufulathele; siphilise, khona sizokhuleka egameni lakho.
Sisuthise ngomusa wakho ekuseni, ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.
Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.
Uyakuhlala uthukuthele njalonjalo na? Uyoyigcina intukuthelo kuze kube phakade na? Yiyona ndlela okhulume ngayo, kodwa wenza okubi, waphumelela ukukwenza.”
umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.
Uyakusiphilisa emva kwezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile ebukhoneni bakhe.
Simakade, ngizwile umbiko ngawe, ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho; uvuselele nakule minyaka, wenze ukuba waziwe kule minyaka, ukhumbule isihawu sakho nasolakeni.