AmaHubo 84:12 - IsiZulu 2020 Simakade Wamabandla, ubusisiwe okwethembayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu othembela kuwe. |
Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.
Bantu, yethembelani kuye ngezikhathi zonke, inhliziyo yenu niyithululele phambi kwakhe, uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.
Ngalokho uSimakade ulindele ukuba abe nomusa kini; ngalokho uyakuphakama abe nesihawu kini, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wobulungiswa; babusisiwe bonke abamlindelayo.
Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?
Ilanga alisayukuba ngukukhanya kuwe emini, nenyanga ayisayukukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku; uSimakade uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.