Ngesikhathi u-Israyeli ephuma eGibhithe, indlu kaJakobe iphuma kubantu ababekhuluma olunye ulimi,
AmaHubo 81:5 - IsiZulu 2020 Wakwenza kwaba ngubufakazi obumileyo kwaJosefa, mhlazana ephuma eGibhithe. Ngezwa ulimi engingalwazi luthi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe. Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi: Contemporary Zulu Bible 2024 Lokhu wakumisa kuJosefa kube ngubufakazi mhla edabula izwe laseGibithe, lapho ngezwa khona ulimi engingaluqondi. |
Ngesikhathi u-Israyeli ephuma eGibhithe, indlu kaJakobe iphuma kubantu ababekhuluma olunye ulimi,
ukuze waziwe yisizukulwane esilandelayo, abantwana abayobazala nabo bavuke, batshele abantwana babo ngawo.
UMose wathi: “Usho kanje uSimakade: ‘Phakathi kwamabili ngizodabula kulo lonke iGibhithe.
“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade.
Niyothi: ‘Ngumhlatshelo wephasika likaSimakade, ngokuba wazedlula izindlu zabakwa-Israyeli eGibhithe, mzukwane ebulala abaseGibhithe, kodwa wazeqa izindlu zethu.’ ” Abantu bakhothama badumisa.
Phakathi kwamabili uSimakade wabhubhisa wonke amazibulo abaseGibhithe, kusukela ezibulweni likaFaro owayehleli esihlalweni sakhe sobukhosi ngaleso sikhathi, kuya ezibulweni lesiboshwa esisejele, nawo wonke amazibulo emfuyo.
Impela uyokhuluma kulaba bantu ngezindebe ezingingizayo nangolimi olungaziwayo.
Ngizakwehlisela kini, nina ndlu ka-Israyeli, isizwe esivela kude,” kusho uSimakade; “yisizwe esinamandla, isizwe esidala, isizwe ongalwazi ulimi lwaso, nongakuqondi esikushoyo.
angcweliswe amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”
Baphuza iwayini ngezindebe, bazigcobe ngamafutha ekhethelo, kodwa abadabuki ngokubhujiswa kukaJosefa.
“USimakade uyothumela kuwe isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba, esihlwitha njengokhozi. Kuyoba yisizwe ongayukuluqonda ulimi lwaso,
yibo lobu ubufakazi, izimiso, nezehlulelo uMose akukhuluma kubantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe,