Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade.
AmaHubo 79:6 - IsiZulu 2020 Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemibuso engalibizi igama lakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemibuso engakhulekeli igama lakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Thela ulaka lwakho phezu kwezizwe ongazaziyo, laphezu kwemibuso engalibizanga ibizo lakho. |
Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade.
Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu na?
Wathela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, nesihluku sempi; kwavutha nxazonke, kodwa akaqondanga; kwashisa, nokho akazange akubeke enhliziyweni yakhe.
Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.
Bheka, ngizoqala ukwehlisa inhlekelele phezu komuzi obizwa ngegama lami, pho nina niyakukugwema kanjani ukujeziswa na? Aniyukuyekwa ningajeziswa, ngokuba ngibiza inkemba kubo bonke abakhileyo emhlabeni,’ kusho uSimakade Wamabandla.
“Ngakho-ke ngilindeni,” kusho uSimakade, “kuze kube lusuku engisukuma ngalo ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukuqoqa izizwe, ngihlanganise ndawonye imibuso, ukuba ngithululele kuzo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wami.”
“Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kodwa Mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.
Ngokuba ngithe ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ngisho ne-althare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWA. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho kanye lokhu engishumayela ngakho kini.
Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.
ngibhalela ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte, kwabangcwelisiwe kuKhristu uJesu, ababiziweyo ukuba babe ngcwele. Ngibhalela nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ezindaweni zonke abakuzo:
iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.