Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 78:51 - IsiZulu 2020

Washaya amazibulo wonke aseGibhithe, okokuqala kwamandla abo, emathendeni kaHamu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Washaya amazibulo onke aseGibithe, okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wanqoba wonke amazibulo eGibithe; inhloko yamandla abo ematendeni kaHamu;

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 78:51
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana kaHamu kwakunguKhushe, uMizirayimi, uPhuthi, noKhanani.


“Wena Rubeni uyizibulo lami, ungamandla ami, engabonakalisa ngawo ubudoda bami, uyingqongqo, unesithunzi, ingqongqo enamandla ukubedlula bonke.


U-Israyeli wayesefika eGibhithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.


Benza izibonakaliso nezimangaliso zakhe phakathi kwabo, ezweni likaHamu.


Washaya namazibulo wonke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.


izimangaliso ezweni lika-Hamu, nokwesabekayo ngasoLwandle Lomhlanga.


Washaya amazibulo aseGibhithe, awabantu nawezilwane.


owabulala amazibulo abaseGibhithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade.


Ngesikhathi uFaro elukhuni engavumi ukusidedela, uSimakade wabulala wonke amazibulo eGibhithe, kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ngakho-ke ngihlabela uSimakade konke okungamaduna okuvule isibeletho, kodwa ngiyawahlenga wonke amazibulo angamadodana ami.’


Ngokukholwa, wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angawathinti amazibulo abo.