Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi.
AmaHubo 77:4 - IsiZulu 2020 Uzibambile izinkophe zami, amehlo ami awavaleki. Ngikhathazekile, akusakhulumeki. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki; ngikhathazekile, angisakwazi ukukhuluma. Contemporary Zulu Bible 2024 Ugcina amehlo ami ephapheme; ngikhathazekile, angikwazi ukukhuluma. |
Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi.
Bahlala naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, bengasho lutho kuye, ngokuba babona ukuthi wayesebuhlungwini obukhulu kakhulu.
Ngokuba manje kuyasinda kwedlula isihlabathi solwandle, ngakho amazwi ami abengumbhedo nje.
Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.