Ngakho-ke wabehlisela inkosi yamaKhaledi, yabulala izinsizwa zakhona ngenkemba endlini yabo engcwele. Ayibanga naluzwelo ensizweni, entombini, kwabadala, nasemidodovini; wabanikela bonke esandleni sayo.
AmaHubo 74:4 - IsiZulu 2020 Izitha zakho zibhonge phakathi endlini yakho yokuhlanganela, zamisa izimpawu zazo zaba ngamabhanela, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana, zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu. Contemporary Zulu Bible 2024 Izitha zakho zibhongile phakathi kwemihlangano yakho; bamisa izibonakaliso zabo zaba yizibonakaliso. |
Ngakho-ke wabehlisela inkosi yamaKhaledi, yabulala izinsizwa zakhona ngenkemba endlini yabo engcwele. Ayibanga naluzwelo ensizweni, entombini, kwabadala, nasemidodovini; wabanikela bonke esandleni sayo.
INkosi yalilahla i-althare layo, yashiya indawo yayo engcwele; izindonga zezigodlo zamakhosi ayo yazinikela esitheni. Sabanga umsindo omkhulu endlini kaSimakade kwangathi kungosuku lomkhosi.
Uyakhulula, asindise; wenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni. Yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”
“Makube yilowo nalowo kubantu bakwa-Israyeli akanise ngasebhaneleni lakhe ngasezimpawini zezindlu zokhokho bakhe; bayakukanisa nxazonke babhekane nethende lokuhlangana.”
“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.
Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile ababikela uJesu ngabaseGalile, abagazi labo uPilatu ayelixube nelemihlatshelo yabo.
“Kuyakuthi nxa nibona iJerusalema lihaqwe yizimpi, bese nazi-ke ukuthi sekusondele ukubhujiswa kwalo.
Savula umlomo waso, sahlambalaza uNkulunkulu, sahlambalaza igama lakhe nethabanakeli lakhe, nabo bonke abasezulwini.