Bazoba nokwesaba okukhulu, ngoba uNkulunkulu umi naso isizukulwane sabalungileyo.
AmaHubo 73:15 - IsiZulu 2020 Uma bengithe ngizakukhuluma kanjalo, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma bengithe, ngizakukhuluma kanjalo, bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Uma ngithi: Ngizokhuluma kanje; bheka, bengiyakucasula isizukulwane sabantwana bakho. |
Bazoba nokwesaba okukhulu, ngoba uNkulunkulu umi naso isizukulwane sabalungileyo.
Yilesi isizululwane salabo abamfunayo, labo abafuna ubuso bukaNkulunkulu kaJakobe. Sela
Kodwa nina nichezukile endleleni, nakhubekisa abaningi ngemfundiso yenu; nasephula isivumelwano sikaLevi,” kusho uSimakade Wamabandla.
Ngokuba uma umzalwane wakho ekhubeka ngenxa yokudla okudlayo, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKhristu.
Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma yikuphi okunye okwenza umzalwane wakho akhubeke.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.
Qha, madodana ami, akusiwo umbiko omuhle engiwuzwa ukhulunywa ngabantu bakaSimakade ngani.