Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.
AmaHubo 72:13 - IsiZulu 2020 Iyakuhawukela odangeleyo nompofu, isindise imiphefumulo yabampofu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Contemporary Zulu Bible 2024 Iyakuhawukela ompofu nompofu, isindise imiphefumulo yabampofu. |
Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.
“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.
Qaphelani ukuba ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: izingelosi zabo ezulwini zibubona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.