AmaHubo 71:6 - IsiZulu 2020 Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami, nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame. Ukudumisa kwami njalo kungawe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngencike kuwe kwasesiswini; nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame; ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaphakanyiswa ngawe kwasesiswini sikanina; Nguwe owangikhipha esizalweni sikamame; kuwe kuyakuba yindumiso yami njalo. |
USimakade ngimbonga ngezikhathi zonke; izibongo zakhe zizohlala zisemlonyeni wami njalo njalo.
Ubusisiswe umuntu owethemba uSimakade, ongaphendukeli kwabazikhukhumezayo, nakulabo abaphambukiswa ngonkulunkulu bamanga.
Ngilaleleni nina ziqhingi, niqaphele nina bantu abakude; uSimakade ungibizile kwasesibelethweni, wangiqamba igama kwasesiswini sikamame.
Manje uthi uSimakade owangibumba kwasesibelethweni, ukuba ngibe yinceku yakhe yokubuyisela kuye uJakobe, nokuba kuqoqelwe kuye u-Israyeli, ngokuba ngihloniphekile emehlweni kaSimakade. UNkulunkulu wami waba ngamandla ami.
“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa, ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.”
Awungibizile yini khona manje, uthi kimi: ‘Baba, Wena ungumngani wobusha bami,’ na?
Kepha ngomhla okwaba kuhle ngawo kuNkulunkulu owangehlukanisela ngisesesibelethweni sikamame, wangibiza ngomusa wakhe,
nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke, egameni leNkosi yethu uJesu Khristu,