Wamethemba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, akubanga bikho onjengaye emva kwakhe, phakathi kwawo wonke amakhosi akwaJuda, nakulawo ayengaphambi kwakhe.
AmaHubo 71:1 - IsiZulu 2020 Kuwena, Simakade, ngiyakhosela, mangingajabhi naphakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, ngiyethemba wena; mangingajabhi naphakade. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyethemba wena Jehova; ungaze ungivumele ngidideke. |
Wamethemba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, akubanga bikho onjengaye emva kwakhe, phakathi kwawo wonke amakhosi akwaJuda, nakulawo ayengaphambi kwakhe.
Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.
Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.
Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe,
Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.
Mabajabhiswe abangizingelayo, kodwa mina mangingadunyazwa; behlisele ngosuku lwenhlekelele, ubabhubhise ngokubhubha okuphindiweyo.
njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Bukani, ngibeka eZiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa; okholwa yilo akayukujabhiswa.”
Ngokuba umbhalo, uthi: “Ngibeka eZiyoni itshe legumbi elikhethekileyo, eliyigugu. Okholwa kuye akasoze ajabhiswa.”