AmaHubo 70:5 - IsiZulu 2020 Kepha mina ngimpofu futhi ngiyantula, phuthuma ungisize, Nkulunkulu! Ulusizo lwami nomkhululi wami. Simakade, ungalibali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba mina ngihluphekile, ngimpofu; Nkulunkulu, ngiphuthumele. Wena uyinsizakalo yami nomkhululi wami; Jehova, ungalibali. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha mina ngimpofu nompofu; shesha uze kimi, Nkulunkulu; Wena ulusizo lwami nomsindisi wami; O Jehova, ungalibali. |
Simakade, ngikhala kuwe, phuthuma uze kimi, lalela izwi lami lapho ngikhuleka kuwe.
Noma ngihlupheka, ngintula, iNkosi iyanginaka, Wena ungumsizi wami nomsindisi wami, Nkulunkulu wami, mawungalibali.
Kepha mina ngihluphekile, nginobuhlungu. Nkulunkulu, insindiso yakho mayingilondoloze.
Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi uJesu!