ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu.
AmaHubo 69:11 - IsiZulu 2020 Isaka ngalenza isembatho sami, ngaba yisaga kubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isaka ngalenza isambatho sami; ngaba yisaga kubo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenza izingubo zami zokulila; ngaba yisaga kubo. |
ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu.
Ngaleso sikhathi uSimakade wakhuluma ngesandla sika-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Hamba ukhumule indwangu eyisaka esokhalo lwakho, nezicathulo ezinyaweni zakho.” Wenza kanjalo, wahamba nqunu, engafake nazicathulo.
Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,
Ngiyakubenza babe yisinengiso nesikhubekiso emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, inhlekisa nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.
Mbathani indwangu eyisaka nina baphristi, nilile, nikhihle isililo nina zikhonzi ze-althare. Wozani nilale ubusuku bonke nembethe indwangu eyisaka nina zinceku zikaNkulunkulu wami. Ngokuba umnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo akusalethwa endlini kaNkulunkulu wenu.
Uyakuba yinto esabisayo, nesiga, nombhinqo phakathi kwezizwe zonke lapho uSimakade eyokunixoshela khona.